48. wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”
49. UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”
50. Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”
51. Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.
52. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.
53. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.
54. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”
55. Kepha waguquka, wabakhuza wathi: “Anazi ukuthi ningabomoya muni.
56. Ngokuba iNdodana yomuntu ayizanga ukubhubhisa imiphefumulo yabantu kodwa ukuyisindisa,” base beya komunye umuzi.
57. Kwathi behamba endleleni, umuntu othile wathi kuye: “Ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”
58. UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”
59. Wayesethi komunye: “Ngilandele.”Wathi yena: “Ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”
60. Kepha wathi kuye: “Yeka abafileyo bembele abafileyo babo, kodwa hamba wena, ushumayele umbuso kaNkulunkulu.”
61. Nomunye-ke wathi: “Ngizakukulandela, Nkosi; kepha ngivumele ngiye kuqala ukuyovalelisa abasekhaya.”