Ngokukaluka 9:45-54 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.

46. Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo.

47. Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe,

48. wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”

49. UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”

50. Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”

51. Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.

52. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.

53. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.

54. Kuthe abafundi bakhe oJakobe noJohane sebekubonile lokho, bathi: “Nkosi, uyathanda ukuba sibize umlilo wehle ezulwini, uwaqede, na?”

Ngokukaluka 9