Ngokukaluka 9:36-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

36. Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.

37. Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.

38. Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.

39. Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile.

40. Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”

41. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”

42. Kuthe iseza, idemoni layiwisa phansi, layihlukumeza kakhulu; uJesu wamkhuza umoya ongcolileyo, wamphulukisa umfana, wambuyisela kuyise.

43. Bethuka bonke ngamandla amakhulu kaNkulunkulu.Besamangele bonke ngakho konke akwenzileyo, wathi kubafundi bakhe:

44. “Khwezani lawo mazwi ezindlebeni zenu, ngokuba iNdodana yomuntu izakukhashelwa ezandleni zabantu.”

45. Kepha abakuzwisisanga lokho kusho, kwakusithekile kubo, ukuze bangakuqondi; besaba ukumbuza ngalokho kusho.

46. Kwavela ukuzindlisana phakathi kwabo kokuthi ngubani ongahle abemkhulu kubo.

47. Kuthe uJesu ebona ukuzindla kwenhliziyo yabo, wathabatha umntwana, wammisa phambi kwakhe,

48. wathi kubo: “Yilowo nalowo oyakwamukela lo mntwana ngegama lami uyangamukela mina, ongamukela mina uyamamukela ongithumileyo; ngokuba omncinyane kini nonke nguye omkhulu.”

49. UJohane waphendula wathi: “Nkosi, sabona umuntu ekhipha amademoni ngegama lakho, samnqabela ngokuba engalandelani nathi.”

50. Kepha uJesu wathi kuye: “Ningamnqabeli, ngokuba ongamelene nani ungakini.”

51. Kwathi sezizakuphelela izinsuku zokwenyuswa kwakhe, wabhekisa ubuso bakhe ukuya eJerusalema.

52. Wathuma izithunywa phambi kwakhe; zahamba, zangena emzini wamaSamariya ukuba zimlungisele.

53. Kepha awamamukelanga, ngokuba ubuso bakhe babubheke eJerusalema.

Ngokukaluka 9