26. Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.
27. Kepha nginitshela ngesiminya ukuthi bakhona abanye kwabemi lapha abangayikuzwa ngempela ukufa, baze babone umbuso kaNkulunkulu.”
28. Kwathi emva kwalawo mazwi kungathi izinsuku zaba yisishiyagalombili wathatha oPetru, noJohane, noJakobe, wenyukela entabeni ukuyokhuleka.
29. Kwathi ekukhulekeni kwakhe isimo sobuso bakhe saba ngesinye, nezingubo zakhe zaba mhlophe, zacwebezela.
30. Bheka, kwakhuluma naye amadoda amabili ayengoMose no-Eliya;
31. abonakala ngenkazimulo, akhuluma ngokumuka kwakhe abemelwe ukukufeza eJerusalema.
32. UPetru nababe naye babekhwelwe ngubuthongo; kepha sebephapheme babona inkazimulo yakhe namadoda amabili emi naye.
33. Kwathi ekwahlukaneni kwawo naye uPetru wathi kuJesu: “Nkosi, kuhle ukuba silapha; masakhe amadokodo amathathu, elinye libe ngelakho, elinye libe ngelikaMose, elinye libe ngelika-Eliya;” wayengazi ukuthi uthini.
34. Esakhuluma lokhu, kwafika ifu, labasithibeza; besaba ekungeneni kwabo efwini.
35. Kwavela izwi efwini, lathi: “Lo uyiNdodana yami ekhethiweyo; yizweni.”
36. Kwathi livela izwi, uJesu wafunyanwa eyedwa. Bathula bona, ngaleyo mihla kabatshelanga muntu neyodwa yalezo zinto abazibonileyo.
37. Kwathi ngangomuso sebehlile entabeni, isixuku esikhulu samhlangabeza.
38. Bheka, indoda yasesixukwini yamemeza yathi: “Mfundisi, ngiyakunxusa ukuba ubheke indodana yami, ngokuba yiyo yodwa kimi.
39. Bheka, umoya uyayibamba, idazuluke masinyane; uyihlukumeza, ikhihlize amagwebu, amuke kuyo eseyizukile.
40. Ngibanxusile abafundi bakho ukuba bamkhiphe, kepha bahluleka.”
41. UJesu waphendula wathi: “O sizukulwane esingakholwayo nesiphambeneyo, koze kube nini nginani, nginibekezelela, na? Yilethe lapha indodana yakho.”