Ngokukaluka 9:18-26 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

18. Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”

19. Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”

20. Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”

21. Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,

22. wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”

23. Wayesethi kubo bonke: “Uma umuntu ethanda ukuza emva kwami, makazidele, athabathe isiphambano sakhe imihla ngemihla, angilandele.

24. Ngokuba yilowo nalowo othanda ukusindisa ukuphila kwakhe uyakulahlekelwa yikho; kepha olahlekelwa ngukuphila kwakhe ngenxa yami uyakukusindisa.

25. Ngokuba kuyakumsizani umuntu, uma ezuzile izwe lonke, yena uqobo alahleke nokuba alimale, na?

26. Ngokuba yilowo nalowo onezinhloni ngami nangamazwi ami ngaye lo iNdodana yomuntu iyakuba nezinhloni, lapho iza ngenkazimulo yayo nekaYise neyezingelosi ezingcwele.

Ngokukaluka 9