12. Seliqala ukushona, beza kuye abayishumi nambili, bathi: “Bamukise abantu ukuba baye emizaneni nasezweni elizungezileyo, bangenise, bathole ukudla, ngokuba lapha sisendaweni eyihlane.”
13. Kepha wathi kubo: “Bapheni nina ukudla.”Bathi-ke: “Esinakho yizinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili kuphela ngaphandle kokuba siyobathengela bonke laba bantu ukudla.”
14. Ngokuba kwakukhona amadoda okungathi izinkulungwane eziyisihlanu.Wathi kubafundi bakhe: “Bahlaliseni ngezigaba ngamashumi ayisihlanu.”
15. Benze njalo, babahlalisa bonke.
16. Wazithabatha izinkwa eziyisihlanu nezinhlanzi ezimbili, wabheka ngasezulwini, wazibusisa, wazihlephula, wanika abafundi ukuba babele isixuku.
17. Badla, basutha bonke, kwabuthwa imvuthuluka eyasala kubo, iziqabetho eziyishumi nambili.
18. Kwathi ekhuleka ngasesitha, abafundi babe naye; wababuza ethi: “Abantu bathi ngingubani na?”
19. Baphendula bathi: “UJohane uMbhapathizi; kepha abanye bathi: Ngu-Eliya; abanye kodwa bathi: Kuvukile umprofethi othile wabadala.”
20. Wayesethi kubo: “Nina-ke nithi ngingubani na?”UPetru waphendula wathi: “UnguKristu kaNkulunkulu.”
21. Wabayala, wagcizelela ukuba bangatsheli muntu lokho,
22. wathi: “INdodana yomuntu imelwe ukuhlupheka ngokuningi, ilahlwe ngamalunga nabapristi abakhulu nababhali, ibulawe, ivuswe ngosuku lwesithathu.”