8. Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.”Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”
9. Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na?
10. Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.
11. “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.
12. Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.
13. Abasedwaleni yilabo abathi sebezwile, balamukele izwi ngokuthokoza; kepha laba kabanampande, bakholwa isikhashana nje, kuthi ngesikhathi sokulingwa bahlubuke.
14. Okuwele phakathi kwameva yilabo abathi sebezwile, bahambe, baminyaniswe ngeminako nengcebo nezinjabulo zokuphila, bangatheli izithelo ezivuthiwe.
15. Okusemhlabathini omuhle yilabo abathi belizwile izwi, balibambe ngenhliziyo enhle nelungileyo, bathele izithelo ngokubekezela.
16. “Akakho othi esokhela isibani, asimboze ngesitsha nokuba asibeke phansi kombhede, kepha usifaka othini, ukuze abangenayo babone ukukhanya.
17. Ngokuba akukho okusithekileyo okungayikuhlaluka nokuyisifuba okungayikwaziwa, kube sobala.
18. Ngakho-ke anobheka ukuba nizwa kanjani; ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa; kepha lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho athi unakho.”
19. Kwase kufika kuye unina nabafowabo, kepha behluleka ukufinyelela kuye ngenxa yesixuku.
20. Wabikelwa ukuthi: “Unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukubona.”
21. Kepha waphendula, wathi kubo: “Umame nabafowethu yilabo abalizwa izwi likaNkulunkulu, balenze.”
22. Kwathi-ke ngolunye lwalezo zinsuku wangena emkhunjini, yena kanye nabafundi bakhe, wathi kubo: “Asiwele siye ngaphesheya kolwandle.” Basuka-ke.
23. Kuthe besahamba ngomkhumbi, walala ubuthongo; kwehlela-ke isivunguvungu somoya elwandle, bagcwala amanzi, babesengozini.
24. Base besondela, bamvusa bathi: “Nkosi, Nkosi, safa.”Wavuka-ke, wakhuza umoya nokugubha kwamanzi. Kwanqamuka, kwathula kwathi du.
25. Wayesethi kubo: “Kuphi ukukholwa kwenu na?”Besaba; bamangala, bathi omunye komunye: “Ungubani lo ukuba ayale nomoya namanzi, kumlalele?”