Ngokukaluka 8:53-56 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

53. Bamhleka usulu, bazi ukuthi ifile.

54. Kepha yena wayibamba ngesandla, wamemeza wathi: “Ntombazana, vuka!”

55. Wabuyela umoya wayo, yavuka khona lapho; wayala ukuba inikwe ukudla.

56. Abazali bayo bethuka; wabayala ukuba bangatsheli muntu okwenzekileyo.

Ngokukaluka 8