34. Kwathi ababezalusa bebona okwenzekileyo, babaleka, bakubika emzini nasemaphandleni.
35. Khona baphuma ukuyobona okwenzekileyo, bafika kuJesu, bamfumanisa umuntu okuphume kuye amademoni ehlezi ngasezinyaweni zikaJesu embethe, esangulukile; bashaywa luvalo.
36. Ababekubonile babatshela ukuthi usinde kanjani owayekhwelwe ngamademoni.
37. Abantu bonke bakulelo zwe lamaGerasa bamcela ukuba amuke kubo, ngokuba babephethwe ngukwesaba okukhulu; yena wayesengena emkhunjini, waphindela emuva.
38. Kepha indoda okuphume kuyo amademoni yamnxusa ukuba ibe naye; kodwa wayimukisa, ethi:
39. “Buyela ekhaya, ulande ukuthi kungakanani uNkulunkulu akwenzele khona.” Wamuka elanda emzini wonke ngokuthi kungakanani abekwenzelwe nguye uJesu.
40. Kepha ekubuyeni kwakhe uJesu isixuku samthakazela; ngokuba bonke babembhekile.