Ngokukaluka 8:1-12 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi emva kwalokho wayehamba imizi nemizana eshumayela ememezela ivangeli lombuso, benaye abayishumi nambili

2. nabesifazane abathile ababephulukiswe kubo omoya ababi nasezifweni: uMariya obizwa ngokuthi uMagdalena, okwakuphume kuye amademoni ayisikhombisa,

3. noJowana umkaKhuza, induna kaHerode, noSusana, nabanye abaningi ababebakhonza ngempahla yabo.

4. Sekubuthene kuye isixuku esikhulu sivela emizini ngemizi, wakhuluma ngomfanekiso, wathi:

5. “Kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela imbewu yakhe. Ekuhlwanyeleni kwakhe enye yawela ngasendleleni; yanyathelwa, izinyoni zezulu zayidla, zayiqeda.

6. Enye yawela edwaleni; kuthe imila, yabuna, ngokuba ingenamswakama.

7. Enye yawela phakathi kwameva, kwaze kwathi ameva esemila kanye nayo, ayiminyanisa.

8. Enye yawela emhlabathini omuhle; kuthe imila, yathela ngekhulu.”Ekusho lokhu wamemeza wathi: “Onezindlebe zokuzwa makezwe.”

9. Abafundi bakhe bambuza ukuthi ungaba yini lowo mfanekiso na?

10. Wathi-ke: “Niphiwe nina ukwazi izimfihlakalo zombuso kaNkulunkulu, kepha abanye bakuphiwa ngemifanekiso ukuba bebona bangaboni, bezwa bangaqondi.

11. “Umfanekiso yilokhu-ke: imbewu iyizwi likaNkulunkulu.

12. Abangasendleleni yilabo abathi sebezwile, bese kufika uSathane, alisuse izwi enhliziyweni yabo ukuba bangakholwa, basindiswe.

Ngokukaluka 8