9. UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.”
10. Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile.
11. Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu.
12. Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.
13. Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”
14. Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!”
15. Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.
16. Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”
17. Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona.
18. Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto.
19. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”