47. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”
48. Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.”
49. Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?”
50. Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”