Ngokukaluka 7:46-50 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

46. Ikhanda lami awuligcobanga ngamafutha, kepha lo uzigcobile izinyawo zami ngamafutha.

47. Ngenxa yalokho ngithi kuwe: Izono zakhe eziningi zithethelelwe, ngokuba uthandile kakhulu; kepha othethelelwa okuncane uthanda kancane.”

48. Wayesethi kuye: “Zithethelelwe izono zakho.”

49. Ababehlezi naye ekudleni baqala ukusho phakathi kwabo ukuthi: “Ngubani lo othethelela nezono na?”

50. Kepha wathi kowesifazane: “Ukukholwa kwakho kukusindisile; hamba, ube nokuthula.”

Ngokukaluka 7