32. Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi:“ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga;salilisela, anikhalanga.’
33. “Ngokuba uJohane uMbhapathizi ufikile engadli sinkwa, engaphuzi wayini; nithi-ke: ‘Unedemoni.’
34. Ifikile iNdodana yomuntu, idla, iphuza, senithi: ‘Bhekani, umuntu oyisiminzi nesiphuzi, umhlobo wabathelisi nezoni.’
35. Kodwa ukuhlakanipha kuvunyiwe ngabantwana bakho bonke.”
36. Omunye wabaFarisi wammema ukuba adle naye; esengene endlini yomFarisi wahlala ekudleni.
37. Bheka, kwakukhona emzini owesifazane oyisoni; wathi esazi ukuthi uhlezi ekudleni endlini yomFarisi, weza nomfuma wamafutha,
38. wema emuva ngasezinyaweni zakhe ekhala, waqala ukumatisa izinyawo zakhe ngezinyembezi, wazesula ngezinwele zekhanda lakhe, wazanga izinyawo zakhe, wazigcoba ngamafutha.