Ngokukaluka 7:21-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

21. Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.

22. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;

23. ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”

24. Sezimukile izithunywa zikaJohane, yaqala ukukhuluma ezixukwini ngoJohane, ithi: “Naphuma naya ehlane ukuyobonani na? Umhlanga ontengantengiswa ngumoya na?

25. Kanti naphuma ukuyobonani na? Umuntu owembethe izingubo ezinothonotho na? Bhekani, abembethe okukhazimulayo, betamasa, basezindlini zamakhosi.

26. Kodwa naphuma ukuyobonani na? Umprofethi na? Yebo, ngithi kini: Odlula umprofethi.

27. Nguye okulotshwe ngaye ukuthi:“ ‘Bheka, ngiyathuma isithunywa sami phambi kobuso bakhoesiyakulungisa indlela yakho phambi kwakho.’

28. “Ngithi kini: Kwabazelwe ngabesifazane akakho omkhulu kunoJohane; kepha omncane embusweni kaNkulunkulu mkhulu kunaye.”

29. Abantu bonke, yebo, nabathelisi sebezwile bamvuma uNkulunkulu, babhapathizwa ngombhapathizo kaJohane.

30. Kepha abaFarisi nezazimthetho balenza ize icebo likaNkulunkulu maqondana nabo bengabhapathizwanga nguye.

31. “Pho-ke, abantu balesi sizukulwane ngiyakubafanisa nani na? Bafana nani na?

32. Bafana nabantwana abahlezi esigcawini bememezana bethi:“ ‘Sinibethele imitshingo, anisinanga;salilisela, anikhalanga.’

Ngokukaluka 7