10. Ababethunyiwe sebebuyele ekhaya bafumana inceku isindile.
11. Kwathi ngangomuso waya emzini othiwa iNayini; kwahamba naye abafundi bakhe nesixuku esikhulu.
12. Esesondela esangweni lomuzi, bheka, kwaphunyiswa ofileyo, indodana eyodwa kanina, yena engumfelokazi; nabantu abaningi bomuzi babe naye.
13. Yathi iNkosi isimbona, yamhawukela, yathi kuye: “Ungakhali.”
14. Yasondela, yathinta uhlaka; abaluthweleyo base bema. Yayisithi: “Nsizwa, ngithi kuwe: Vuka!”
15. Ofileyo wavuka, waqala ukukhuluma; yamnika unina.
16. Bafikelwa ngukwesaba bonke, bamdumisa uNkulunkulu, bathi: “Kuvele umprofethi omkhulu phakathi kwethu,” nokuthi: “UNkulunkulu ubahambele abantu bakhe.”
17. Kwaphumela leli zwi ngaye kulo lonke iJudiya nakulo lonke langakhona.
18. Abafundi bakaJohane bambikela ngazo zonke lezo zinto.
19. UJohane wayesebiza ababili kubafundi bakhe, wabathumela eNkosini, wathi: “Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?”
20. Amadoda esefikile kuyo athi: “UJohane uMbhapathizi usithumele kuwe, ethi: ‘Wena unguye ozayo, noma sobheka omunye na?’ ”
21. Ngalowo mzuzu yayiphulukisa abaningi ezifweni nasebuhlungwini nakomoya ababi; nezimpumputhe eziningi yazipha ukubona.
22. Yaphendula, yathi kuwo: “Hambani nimlandise uJohane lokho enikubonile nenikuzwile ukuthi: Izimpumputhe ziyabona, izinyonga ziyahamba, abanochoko bayahlanjululwa, izithulu ziyezwa, abafileyo bayavuswa, abampofu bayashunyayezwa ivangeli;
23. ubusisiwe ongayikukhubeka ngami.”