1. Kwathi eseqede onke amazwi akhe ezindlebeni zabantu, wangena eKapernawume.
2. Inceku yenduna yekhulu ethile ethandekayo kuyo yayigula, isizakufa.
3. Isizwile ngoJesu yathuma amalunga abaJuda kuye, imcela ukuba eze ayisindise inceku yayo.
4. Esefikile kuJesu amncenga kakhulu, ethi: “Ifanele ukuba uyenzele lokho,
5. ngokuba ithanda isizwe sakithi; yiyo esakhele isinagoge.*”
6. UJesu wayesehamba nawo.Kepha engasekude nendlu, induna yekhulu yathumela kuye abahlobo, bathi kuye: “Nkosi, ungazihluphi, ngokuba angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami.
7. Ngakho angizibonanga ukuthi ngifanele ukuza kuwe; kepha yisho izwi, khona inceku yami iyakusinda.
8. Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; nakwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”
9. UJesu ekuzwa lokho wamangala ngayo, waphenduka, wathi esixukwini esimlandelayo: “Ngithi kini: Angizange ngifumane ukukholwa okungaka nakwa-Israyeli.”