9. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?”
10. Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe.
11. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.
12. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
13. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:
14. uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,
15. noMathewu, noTomase, noJakobe ka-Alfewu, noSimoni othiwa isishisekeli,
16. noJuda kaJakobe, noJuda Iskariyothe owaba ngumkhapheli.
17. Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni,
18. ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa.
19. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.
20. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:“Nibusisiwe nina bampofu,ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,ngokuba niyakusuthiswa.Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,ngokuba niyakuhleka.
22. Nibusisiwe, nxa abantu benizondananxa benicwasa, benithuka,belilahla igama lenu ngokungathi libingenxa yeNdodana yomuntu.