4. ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wathatha izinkwa zokubukwa ezingavunyelwe ukudliwa muntu, ngabapristi bodwa, wadla, wanika nababe naye, na?”
5. Wathi kubo: “INdodana yomuntu iyiNkosi neyesabatha.”
6. Kwathi-ke ngelinye isabatha wangena esinagogeni,* wafundisa. Kwakukhona umuntu lapho osandla sakhe sokunene sasishwabene.
7. Ababhali nabaFarisi bamqaphelisisa ukuthi uyaphilisa yini ngesabatha, ukuze bathole ukumbeka icala.
8. Kepha wazazi izizindlo zabo wathi kuyo indoda esandla sishwabene: “Sukuma, ume phakathi.” Wasukuma-ke, wema.
9. UJesu wathi kubo: “Ngiyanibuza ukuthi kuvunyelwe ngesabatha ukwenza okuhle noma okubi yini, ukusindisa umuntu noma ukumbulala, na?”
10. Esebaqalazile bonke wathi kuye: “Yelula isandla sakho.” Wenze njalo-ke saze saphiliswa isandla sakhe.
11. Base begcwala ukuhlanya, bakhuluma bodwa ngokuthi bangamenze njani uJesu.
12. Kwathi ngalezo zinsuku waphuma waya entabeni ukuyokhuleka; wahlala ubusuku bonke ekhuleka kuNkulunkulu.
13. Kwathi sekusile, wababiza abafundi bakhe, wakhetha kubo abayishumi nambili, wabaqamba ngokuthi abaphostoli:
14. uSimoni owamqamba ngokuthi uPetru, no-Andreya umfowabo, noJakobe, noJohane, noFiliphu, noBartolomewu,