Ngokukaluka 6:38-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”

39. Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na?

40. Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.

41. “Ubhekelani ucezwana olusesweni lomfowenu, kanti ugongolo olukwelakho iso awuluboni na?

42. Ungasho kanjani kumfowenu ukuthi: ‘Mfowethu, ake ngikhiphe ucezwana olusesweni lakho,’ wena ongaboni ugongolo olukwelakho iso, na? Mzenzisi, khipha kuqala ugongolo olukwelakho iso, yikhona uyakubonisisa ukukhipha ucezwana olusesweni lomfowenu.

43. “Ngokuba akukho muthi omuhle othela isithelo esibi; futhi nomuthi omubi awutheli isithelo esihle.

44. Ngokuba yilowo nalowo muthi waziwa ngesithelo sawo. Akukhiwa kambe amakhiwane emeveni, nezithelo zomvini azikhiwa ejikijolweni.

45. Umuntu omuhle uveza okuhle emfuyweni enhle yenhliziyo, nomubi uveza okubi emfuyweni embi; ngokuba umlomo wakhe ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo.

46. “Ningibizelani ngokuthi: ‘Nkosi, Nkosi,’ ningakwenzi engikushoyo, na?

47. Yilowo nalowo oza kimi, ezwe amazwi ami, awenze, ngonikhombisa lowo afana naye.

48. Ufana nomuntu owayakha indlu, wemba washonisa, wabeka isisekelo edwaleni. Ekufikeni kwesikhukhula umfula washaya leyo ndlu, kepha wawungenamandla okuyinyakazisa, ngokuba yayakhiwe kahle.

49. Kodwa ozwayo engenzi unjengomuntu owakha indlu emhlabathini ingenasisekelo; umfula wayishaya, yawa masinyane; kwaba kukhulu ukudilika kwaleyo ndlu.”

Ngokukaluka 6