28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
32. “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.
33. Ngakho uma nenza okuhle kwabenza okuhle kini, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zenza khona lokho.
34. Uma nitsheleka labo enithemba ukwamukela kubo, ninakubongwa kuni na? Nezoni zitsheleka izoni ukuba zamukele okungako.
35. Kepha thandani izitha zenu, nenze okuhle, nitsheleke, ningadikibali; nomvuzo wenu uyakuba mkhulu, nibe ngabantwana boPhezukonke, ngokuba umnene yena kwabangabongiyo nababi.
36. Yibani nesihawu, njengokuba uYihlo enesihawu.
37. “Ningahluleli, khona anisoze nahlulelwa; ningalahli, khona anisoze nalahlwa; thethelelani, khona niyakuthethelelwa.
38. Yiphani, khona niyakuphiwa; bayakunipha esifubeni senu isilinganiso esihle, esigxushiweyo, esigqishiweyo, esichichimayo; ngokuba ngesilinganiso enilinganisa ngaso nani niyakulinganiselwa ngaso.”
39. Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Impumputhe ingahola impumputhe na? Aziyikukhalakathela emgodini zombili na?
40. Umfundi kaphezu komfundisi; kepha yilowo ophelelisiwe uyakuba njengomfundisi wakhe.