28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
32. “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.