Ngokukaluka 6:28-32 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.

29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.

30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.

31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.

32. “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.

Ngokukaluka 6