17. Khona wehla nabo, wema endaweni eyithafa kanye nesixuku esikhulu sabafundi bakhe noquqaba lwabantu abavela kulo lonke laseJudiya, naseJerusalema, nangaselwandle lwaseTire neSidoni,
18. ababezile ukumuzwa nokuphulukiswa ezifweni zabo; nababekhathazwa ngawomoya abangcolileyo baphulukiswa.
19. Isixuku sonke safuna ukumthinta, ngokuba kwakuphuma kuye amandla abaphilisa bonke.
20. Wayesephakamisela amehlo akhe ngakubafundi bakhe, wathi:“Nibusisiwe nina bampofu,ngokuba umbuso kaNkulunkulu ungowenu.
21. Nibusisiwe nina balambileyo kalokhu,ngokuba niyakusuthiswa.Nibusisiwe nina bakhalayo kalokhu,ngokuba niyakuhleka.
22. Nibusisiwe, nxa abantu benizondananxa benicwasa, benithuka,belilahla igama lenu ngokungathi libingenxa yeNdodana yomuntu.
23. “Thokozani ngalolo suku, nigxume; ngokuba bhekani, umvuzo wenu mkhulu ezulwini; ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi.
24. “Kepha maye kinina bacebileyo,ngokuba niyamukele induduzo yenu!
25. Maye kinina basuthiyo kalokhu,ngokuba niyakulamba!Maye kinina bahlekayo kalokhu,ngokuba niyakulila, nikhale!
26. Maye kinina,nxa abantu bonke bekhuluma kahle ngani,ngokuba oyise babo benze njalo kubaprofethi bamanga!
27. “Kepha ngithi kini enizwayo: Thandani izitha zenu, nenze okuhle kwabanizondayo,
28. nibusise abaniqalekisayo, nibakhulekele abanidumazayo.
29. Okushaya esihlathini, mnike nesinye; nokwaphuca ingubo, ungamnqabeli nebhantshi.
30. Muphe yilowo nalowo ocela kuwe; nokwaphuca okwakho, ungabuyi ukubize kuye.
31. Njengalokhu nithanda ukuba abantu benze kini, yenzani njalo kubo.
32. “Uma nithanda abanithandayo, ninakubongwa kuni na? Ngokuba nezoni zithanda abazithandayo.