6. Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo.
7. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.
8. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
9. Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile,
10. kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.”