4. Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”
5. USimoni waphendula wathi: “Nkosi, sishikile ubusuku bonke, asibambanga lutho; kepha ngezwi lakho ngiyakuwehlisa amanetha.”
6. Sebekwenzile lokho babamba izinhlanzi eziningi kakhulu, aze agqabuka amanetha abo.
7. Babaqhweba omana babo abakomunye umkhumbi ukuba beze, bababambise. Beza-ke, bayigcwalisa imikhumbi yomibili, yaze yathi ayizike.
8. Kuthe uSimoni Petru ekubona lokho, waziphonsa phansi ngasemadolweni kaJesu, wathi: “Suka kimi, Nkosi, ngokuba ngingumuntu oyisoni.”
9. Ngokuba ubehlelwa ngukwesaba, yena kanye nabo bonke ababe naye, ngobuningi bezinhlanzi ababezibambile,
10. kanjalo-ke noJakobe noJohane amadodana kaZebedewu ababesebenzisana noSimoni.UJesu wathi kuSimoni: “Ungesabi; kusukela manje uzakubamba abantu.”
11. Sebeyilethile imikhumbi emhlabathini bashiya konke, bamlandela.
12. Kwathi ekomunye wemizi, bheka, nanso indoda egcwele uchoko. Kuthe embona uJesu, wawa ngobuso, wamnxusa wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”