Ngokukaluka 5:32-36 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

33. Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”

34. Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na?

35. Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”

36. Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala.

Ngokukaluka 5