Ngokukaluka 5:32-35 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

32. Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

33. Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”

34. Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na?

35. Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”

Ngokukaluka 5