Ngokukaluka 5:27-37 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

27. Emva kwalokho waphuma, wabona umthelisi, igama lakhe nguLevi, ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.”

28. Washiya konke, wasukuma, wamlandela.

29. ULevi wamenzela isidlo esikhulu endlini yakhe; kwakukhona isixuku esikhulu sabathelisi nabanye ababehlezi nabo ekudleni.

30. AbaFarisi nababhali bakhonona kubafundi bakhe, bathi: “Yini ukuba nidle niphuze nabathelisi nezoni na?”

31. Waphendula uJesu, wathi kubo: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa.

32. Kangizelanga ukubiza abalungileyo kodwa izoni ukuba ziphenduke.”

33. Base bethi kuye: “Abafundi bakaJohane bazila kaningi, benze imikhuleko, kanjalo nababaFarisi, kepha abakho bayadla, baphuze.”

34. Kepha uJesu, wathi kubo: “Ningabazilisa yini abayeni, umyeni esenabo na?

35. Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona bezakuzila ngalezo zinsuku.”

36. Wabatshela nomfanekiso wokuthi: “Akakho odabula isiziba engutsheni entsha, asibekele engutsheni endala; uma enza lokho, uyayona entsha, futhi isiziba sentsha asizukuzwana nendala.

37. Futhi akakho othela iwayini elisha ezimvabeni ezindala funa iwayini elisha liqhumise izimvaba, lichitheke lona, nezimvaba zonakale.

Ngokukaluka 5