17. Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
18. Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe.
19. Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.