13. Welula isandla sakhe, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Masinyane uchoko lwasuka kuye.
14. Wamyala ukuba angatsheli muntu, wathi: “Kepha suka, uzibonakalise kumpristi, unikele ngokuhlanjululwa kwakho, njengalokho uMose akuyalayo, kube ngubufakazi kubo.”
15. Kwayilapho ukukhuluma ngaye kwanda kakhulu. Zabuthana izixuku eziningi ukuzwa nokuphulukiswa ezifweni zazo.
16. Kepha yena wamonyukela ehlane, wakhuleka.
17. Kwathi ngolunye lwalezo zinsuku yena esafundisa, kwakuhlezi khona abaFarisi nabafundisi bomthetho ababephuma emizini yonke yaseGalile neJudiya neJerusalema. Namandla eNkosi ayekuye ukuba aphulukise.
18. Bheka-ke, nanko amadoda ethwele ohlakeni umuntu ofe uhlangothi, efuna ukumngenisa nokumbeka phambi kwakhe.
19. Engafumani ukuthi angamngenisa kanjani ngenxa yesixuku akhwela phezu kwendlu, amehlisa ophahleni kanye nohlaka ngaphakathi phambi kukaJesu.
20. Ebona ukukholwa kwawo wathi: “Mngane, uthethelelwe izono zakho.”
21. Ababhali nabaFarisi baqala ukuzindla ngokuthi: “Ngubani lo okhuluma ngokuhlambalaza? Ngubani ongathethelela izono ngaphandle kukaNkulunkulu yedwa na?”
22. Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo waphendula, wathi kubo: “Nizindlani ezinhliziyweni zenu na?
23. Yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na?
24. Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono,” wayesethi kofe uhlangothi: “Kuwena ngithi: Vuka uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.”
25. Wasukuma khona lapho phambi kwabo, wathabatha lokho abelele kukho, wamuka waya endlini yakhe emdumisa uNkulunkulu.