Ngokukaluka 5:1-4 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

1. Kwathi isixuku simbunganyela ukuba sizwe izwi likaNkulunkulu, wayemi ngaselwandle lwaseGenesaretha,

2. wabona imikhumbi emibili imi ngaselwandle; abadobi babephumile kuyo behlanza amanetha.

3. Esengene komunye wemikhumbi ongokaSimoni wamcela ukuba asuke kancane emhlabathini. Wahlala phansi, wabafundisa abantu esemkhunjini.

4. Kuthe esegcinile ukukhuluma, wathi kuSimoni: “Qhubekela ekujuleni, nehlise amanetha enu, nibambe.”

Ngokukaluka 5