30. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.
31. Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha.
32. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
33. Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:
34. “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”
35. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.
36. Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?”
37. Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.
38. Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye.
39. Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.
40. Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa.
41. Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.