Ngokukaluka 4:30-41 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

30. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.

31. Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha.

32. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.

33. Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:

34. “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”

35. UJesu wamkhuza wathi: “Thula, uphume kuye!” Idemoni lamphonsa phansi phakathi kwabo, laphuma kuye lingamlimazanga.

36. Behlelwa ngukwesaba bonke, bakhuluma bodwa, bathi: “Yizwi lini leli lokuba ayale omoya abangcolileyo ngegunya nangamandla, baphume?”

37. Kwanda udumo ngaye kuzo zonke izindawo zangakhona.

38. Wasuka esinagogeni,* wangena endlini kaSimoni. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayebanjwe ngumkhuhlane omkhulu; bamnxusa ngaye.

39. Wamengama, wakhuza umkhuhlane; wona wamyeka; wasuka masinyane, wabakhonza.

40. Ukushona kwelanga bonke ababe nabagulayo izifo ngezifo babaletha kuye; ebeka izandla phezu kwabo ngabanye wabaphulukisa.

41. Kwaphuma namademoni kwabaningi ememeza ethi: “Wena uyiNdodana kaNkulunkulu.” Kepha wawakhuza, kawavumelanga ukuba akhulume, ngokuba ayemazi ukuthi unguKristu.

Ngokukaluka 4