26. kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.
27. Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.”
28. Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho.
29. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
30. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.
31. Wehlela eKapernawume umuzi waseGalile. Wayebafundisa ngosuku lwesabatha.
32. Bamangala ngokufundisa kwakhe, ngokuba izwi lakhe lalinamandla.
33. Kwakukhona esinagogeni* umuntu onomoya wedemoni elingcolileyo, wamemeza ngezwi elikhulu, wathi:
34. “Hhiya! Sinamsebenzi muni nawe Jesu waseNazaretha? Uze ukusibhubhisa na? Ngiyakwazi ukuba ungubani: ungoNgcwele kaNkulunkulu.”