23. Wathi kubo: “Nempela niyakusho kimi lesi saga sokuthi: ‘Nyanga, zelaphe wena.’ Lokho esikuzwile kwenziwa eKapernawume, kwenze nalapha ezweni lakini.”
24. Wathi-ke: “Ngiqinisile ngithi kini: Akukho mprofethi owamukelwa ezweni lakubo.
25. Kepha ngempela ngithi kini: Kwakukhona kwa-Israyeli abafelokazi abaningi emihleni ka-Eliya, lapho izulu lalivalekile iminyaka emithathu nezinyanga eziyisithupha, kwaba khona indlala enkulu ezweni lonke;
26. kepha u-Eliya kathunyelwanga nakoyedwa kubona, kuphela eSarepita laseSidoni kowesifazane ongumfelokazi.
27. Kwakukhona futhi kwa-Israyeli abanochoko abaningi ngesikhathi sika-Elisha umprofethi; kepha akuhlanjululwanga namunye kubo, kuphela uNayimani umSiriya.”
28. Bonke ababesesinagogeni* bagcwala ulaka bekuzwa lokho.
29. Basukuma, bamxosha emzini, bamqhubela ekwengameni kwentaba umuzi wabo owakhiwe phezu kwayo, ukuze bamkhalakathelisele phansi.
30. Kepha yena edabula phakathi kwabo wamuka.