1. UJesu egcwele uMoya oNgcwele wabuya eJordani, waholekela ngoMoya ehlane,
2. elingwa nguSathane izinsuku ezingamashumi amane. Akadlanga lutho kulezo zinsuku; seziphelile, walamba.
3. Wayesethi kuye uSathane: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho kuleli tshe ukuba libe yisinkwa.”
4. UJesu wamphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu azakuphila ngaso.’ ”
5. Esemenyusela entabeni ende wambonisa imibuso yonke yezwe ngomzuzwanyana.
6. USathane wathi kuye: “Amandla onke lana ngokunika wena kanye nenkazimulo yawo, ngokuba inikwe mina, futhi ngiyinika noma ubani ngokuthanda kwami.