Ngokukaluka 3:5-22 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

5. Izigodi zonke ziyakugqitshwa,zonke izintaba namagquma kuyakwehliswa;kuqonde izinsongansonga,nemigoxigoxi ibe yizindlela ezilelezekile;

6. inyama yonke izakubona insindiso kaNkulunkulu.’ ”

7. Ngakho-ke wathi ezixukwini ezaziphumela ukubhapathizwa nguye: “Nzalo yezinyoka, ubani onibonise ukubalekela intukuthelo ezayo na?

8. Ngakho vezani izithelo ezifanele ukuphenduka, ningaqali ukuthi phakathi kini: ‘Sinobaba u-Abrahama;’ ngokuba ngithi kini: UNkulunkulu unamandla okumvusela u-Abrahama abantwana kulawa matshe.

9. Namanje izembe selibekiwe empandeni yemithi; ngakho yonke imithi engatheli isithelo esihle iyanqunywa, iphonswe emlilweni.”

10. Izixuku zambuza zathi: “Pho, sizakwenzani na?”

11. Waphendula, wathi kubo: “Onezingubo ezimbili akamuphe ongenayo; naye onokudla enze njalo.”

12. Kwafika nabathelisi ukuba babhapathizwe, bathi kuye: “Mfundisi, sizakwenzani na?”

13. Wathi kubo: “Ningabizi lutho ngaphezu kwenikumiselweyo.”

14. Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?”Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”

15. Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini,

16. uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

17. oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”

18. Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.

19. Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,

20. wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.

21. Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka,

22. uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

Ngokukaluka 3