20. wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.
21. Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka,
22. uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”
23. Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli
24. kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa
25. kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi