Ngokukaluka 3:14-29 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

14. Namabutho ambuza athi: “Thina-ke, sizakwenzani na?”Wathi kuwo: “Ningamuki muntu lutho ngendluzula, ningamxabheleli; yaneliswani yizinkokhelo zenu.”

15. Abantu besabhekile, bezindla bonke ezinhliziyweni zabo ngoJohane ukuthi ingabe unguKristu yini,

16. uJohane waphendula, wathi kubo bonke: “Mina kambe nginibhapathiza ngamanzi, kepha uyeza onamandla kunami engingafanele ukuthukulula umchilo wezicathulo zakhe; yena uzakunibhapathiza ngoMoya oNgcwele nangomlilo;

17. oqoma lakhe lokwela lisesandleni sakhe ukushanelisisa isibuya sakhe nokubuthela ukolweni enqolobaneni yakhe; kepha amakhoba uzakuwashisa ngomlilo ongacimekiyo.”

18. Nangokunye okuningi washumayela ivangeli kubantu, ebayala.

19. Kepha uHerode umtetrarki,* esolwa nguye ngenxa kaHerodiya umkamfowabo nangenxa yakho konke okubi abekwenzile uHerode,

20. wenezela nalokhu kokunye konke, wamvalela uJohane etilongweni.

21. Kwathi bebhapathiziwe abantu bonke, naye uJesu esebhapathiziwe, ekhuleka, izulu lavuleka,

22. uMoya oNgcwele enesimo somzimba njengejuba wehlela phezu kwakhe; kwavela izwi ezulwini, lithi: “Wena uyiNdodana yami ethandekayo; ngithokozile ngawe.”

23. Yena uJesu, ukuqala kwakhe, wayeneminyaka engaba ngamashumi amathathu, eyindodana, njengokushiwoyo, kaJosefa ka-Eli

24. kaMathati kaLevi kaMeliki kaJanayi kaJosefa

25. kaMatathiya ka-Amose kaNahume ka-Eseli kaNagayi

26. kaMati, kaMatathiya kaSemeyini kaJosefa kaJuda

27. kaJohanani kaResa kaZorobabeli kaSalatiyeli kaNeri

28. kaMeliki ka-Adi kaKosamu ka-Elimadamu ka-Eri

29. kaJose ka-Eliyezeri kaJorimi kaMathati kaLevi

Ngokukaluka 3