Ngokukaluka 24:50-53 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

50. Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.

51. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.

52. Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.

53. Babekhona ethempelini njalo bemdumisa uNkulunkulu.

Ngokukaluka 24