Ngokukaluka 24:45-49 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

45. Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.

46. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

47. kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.

48. Nina-ke ningofakazi balezi zinto.

49. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”

Ngokukaluka 24