Ngokukaluka 24:4-15 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

4. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.

5. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?

6. Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,

7. ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ”

8. Bawakhumbula-ke amazwi akhe.

9. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.

10. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.

11. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.

12. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.

13. Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha.

14. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.

15. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.

Ngokukaluka 24