Ngokukaluka 24:38-52 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?

39. Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”

40. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.

41. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”

42. Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.

43. Wakuthatha, wadla phambi kwabo.

44. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”

45. Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.

46. Wathi kubo: “Kulotshiwe kanje ukuthi uzakuhlupheka uKristu, avuke kwabafileyo ngosuku lwesithathu,

47. kushunyayelwe egameni lakhe ukuphenduka, kube ngukuthethelelwa kwezono ezizweni zonke, kuqalwe eJerusalema.

48. Nina-ke ningofakazi balezi zinto.

49. Bhekani, ngiyathumela kini isithembiso sikaBaba; kepha hlalani emzini, nize nembathiswe amandla avela phezulu.”

50. Wabahola, baze bafika ngaseBethaniya, waphakamisa izandla zakhe, wababusisa.

51. Kwathi esababusisa, wahlukana nabo, wenyuselwa ezulwini.

52. Bakhuleka kuye, baphindela eJerusalema benokuthokoza okukhulu.

Ngokukaluka 24