Ngokukaluka 24:38-42 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

38. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?

39. Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”

40. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.

41. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”

42. Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.

Ngokukaluka 24