33. Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,
34. bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.”
35. Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.
36. Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”
37. Kepha bashaywa luvalo, besaba bethi babona ithongo.
38. Wayesethi kubo: “Nikhathazekeleni na? Kuvelelani imizindlo ezinhliziyweni zenu na?
39. Bhekani izandla zami nezinyawo zami ukuthi yimina uqobo; ngiphatheni, nibone, ngokuba ithongo alinanyama namathambo, njengokuba ningibona nginakho.”
40. Esekushilo lokho wababonisa izandla nezinyawo.
41. Kepha bengakakholwa ngenxa yentokozo bemangala, wathi kubo: “Ninakho ukudla lapha na?”
42. Bamnika iqatha lenhlanzi eyosiweyo neqa lezinyosi.
43. Wakuthatha, wadla phambi kwabo.
44. Wayesethi kubo: “Yiwo lawo mazwi ami engawakhuluma kini ngisenani okuthi: ‘Kumelwe ukugcwaliseka konke okulotshwe ngami emthethweni kaMose, nakubaprofethi nasemaHutsheni.’ ”
45. Khona wayesevula ingqondo yabo, ukuze baqonde imibhalo.