23. kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.
24. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”
25. Wayesethi kubo: “O nina eningaqondiyo nenilibele enhliziyweni ukukholwa yikho konke abakushilo abaprofethi!
26. UKristu ubengamelwe yini ukuhlupheka ngalokho, aze angene enkazimulweni yakhe na?”
27. Wayesethathela kuMose nakubaprofethi bonke, wabachasisela emibhalweni okuqondene naye.
28. Base besondela emzaneni ababeya kuwo yena washaya sengathi udlulela phambili.
29. Bamncengisisa bathi: “Hlala nathi, ngokuba sekuzakuhlwa, nemini isiyadlula.” Wangena wahlala nabo.
30. Kwathi esehlezi nabo ekudleni, wathabatha isinkwa, wabonga, wasihlephula, wabanika.
31. Amehlo abo ayesevuleka, bamazi; wayesenyamalala kubo.
32. Bathi omunye komunye: “Inhliziyo yethu ibingavuthi yini phakathi kwethu, lapho ekhuluma kithi endleleni, nalapho esivulela imibhalo, na?”
33. Base besuka ngasona leso sikhathi, baphindela eJerusalema, bafumana abayishumi nanye nababe nabo behlangene ndawonye,
34. bethi: “Impela iNkosi ivukile, ibonakele kuSimoni.”
35. Base belanda nabo okwenzekileyo endleleni, nokuthi yaziwa kanjani yibo ekuhlephuleni isinkwa.
36. Besakhuluma lokho, yena uqobo wema phakathi kwabo, wathi kubo: “Ukuthula makube kinina.”