Ngokukaluka 24:20-24 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

20. ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.

21. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.

22. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;

23. kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.

24. Nabathile babakithi baya ethuneni, bakufumana kunjalo njengokuba beshilo abesifazane, kodwa yena uqobo abambonanga.”

Ngokukaluka 24