2. Bafumana itshe ligingqiwe ethuneni.
3. Kuthe bengena, abasifumananga isidumbu seNkosi uJesu.
4. Kwathi besasambathekile yilokho, bheka, nanko amadoda amabili emi ngakubo, enezingubo ezicwebezelayo.
5. Besesaba bekhothamela phansi ngobuso, athi kubo: “Nifunelani ophilayo kwabafileyo na?
6. Kakho lapha, kepha uvukile; khumbulani ukukhuluma kwakhe kini eseseGalile,
7. ethi: ‘INdodana yomuntu imelwe ukukhashelwa ezandleni zabantu abayizoni, ibethelwe, ivuke ngosuku lwesithathu.’ ”
8. Bawakhumbula-ke amazwi akhe.
9. Base bebuya ethuneni, babika konke lokho kwabayishumi nanye nakubo bonke abanye.
10. KwakungoMariya Magdalena, noJowana, noMariya unina kaJakobe; nabanye ababe kanye nabo babatshela abaphostoli lokho.
11. Kepha lawo mazwi aba njengokukhuluma okuyize kubo, kabaze bakholwa yibo.
12. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
13. Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha.
14. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.