14. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.
15. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.
16. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
17. Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele.
18. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”
19. Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,
20. ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.