12. Khona uPetru wasuka, wagijimela ethuneni, wakhothama, wabona izindwangu zizodwa; wamuka, waya ekhaya emangele ngokwenzekileyo.
13. Bheka-ke, ababili babo babehamba ngalona lolo suku, beya emzaneni othiwa i-Emawuse, ukude neJerusalema amastadiyu* angamashumi ayisithupha.
14. Babekhulumisana omunye nomunye ngazo zonke lezo zinto ezehlakeleyo.
15. Kwathi besakhuluma bebuzana, uJesu uqobo wasondela, wahambisana nabo.
16. Kepha amehlo abo abebambekile ukuba bangamazi.
17. Wathi kubo: “Zindaba zini lezi enikhuluma ngazo omunye nomunye nihamba na?” Base bema benyukumele.
18. Omunye, nguKleyophase igama lakhe, waphendula, wathi kuye: “Wena uyisihambi eJerusalema, ungoyedwa ongazazi izinto ezenzekileyo khona ngalezi zinsuku na?”
19. Wayesethi kubo: “Zinto zini na?”Bathi kuye: “NgoJesu waseNazaretha obengumprofethi onamandla ngesenzo nangezwi phambi kukaNkulunkulu nabantu bonke,
20. ukuthi abapristi abakhulu nababusi bethu bamkhaphela ukunqunyelwa ukufa, baze bambethela esiphambanweni.
21. Thina-ke besethemba ukuthi nguye ozakuhlenga u-Israyeli; kodwa phezu kwalokho konke sekulusuku lwesithathu lezo zinto zenzekile.
22. Futhi nabesifazane abathile bakithi basethusile, ababeyile ethuneni ekuseni;
23. kuthe bengasifumani isidumbu sakhe, bafika bathi babone nombono wezingelosi ezithi uyaphila.