Ngokukaluka 23:8-11 Ibhayibheli Elingcwele (ZUL59)

8. Kwathi uHerode embona uJesu, wathokoza kakhulu, ngokuba kwase kukade efuna ukumbona, lokhu ebezwile ngaye; wayethemba ukuthi uzakubona isibonakaliso esithile senziwa nguye.

9. Wambuza ngamazwi amaningi, kepha yena kamphendulanga ngalutho.

10. Abapristi abakhulu nababhali babemi bemmangalela kakhulu.

11. Kepha uHerode namabutho akhe bameyisa, bambhinqa, baze bamembathisa ingubo ecwebezelayo, bambuyisela kuPilatu.

Ngokukaluka 23